COVID-19 Update: South African Government's Covid-19 Portal : sacoronavirus.co.za [Submit details for insurance quote (Call times may delay please be patient) Available quotes business and car home]

insuranceexpert

umshuwalense we tekisi

Ratings
insurance Bloginsurancecar insuranceumshuwalense we tekisi

umshuwalense we tekisi

kungani kungeniswa umshuwalense wetekisi

uyawudinga umshuwalense wetekisi emgwaqeni, INingizimu Afrika yayi nezimoto ezingaba yizigidi eziyi-ishume nanye ezibhalisiwe ngo-2020, kodwa kuphela u-30-40% wezimoto eziyizigidi eziyi-ishume nanye ezazi no mshuwalense wemoto. Lezi zibalo zikhomba ngokusobala ukuthi iningi labanikazi bezimoto eNingizimu Afrika abawuthengi umshuwalense wezimoto.
 umshuwalense wetekisi
INingizimu Afrika ngokwezinga lomhlaba uma kukhulunywa ngezingozi ezenzeka minyaka yonke emigwaqeni yethu ibalwa kunombolo 159 emazweni ayi-175. Izingozi eziningi kubikwa ukuthi zenzeka ngesikhathi samaholide. Izindleko ezitholwa yiNingizimu Afrika ngenxa yezingozi zomgwaqo zihlala ezigidigidini ezingama-164 zamarandi ngonyaka. Umbiko we-Arrive Alive ogxile embonini yamatekisi ulinganisela ukuthi 70 000 amatekisi abandakanyeka ezingozini njalo ngonyaka eNingizimu Afrika, okuyizikhathi eziphindwe kabili kunezinye izimoto ezithwala abagibeli. Lezi zingozi ezenzeka embonini yamatekisi zishiya abaphathi bamatekisi abaningi besenkingeni enkulu yezezimali ngenxa yokuthi iningi labo alinawo umshuwalense wetkisi.

umshuwalense wetekisi fo abashayeli

INingizimu Afrika nayo ibhekane nokwanda kwemibhikisho yokulethwa kwezidingo. Le mibhikisho ilandela indlela efanayo lapho kudunwa khona izimpahla ezisemalolini ahambayo. Ababhikishi basebenzisa la maloli ukuvimba imigwaqo futhi baphange kamuva, bese bewashisa. Lolu hlobo lokuziphatha luholela ekulahlekelweni okukhulu kulabo abasemkhakheni wamaloli abangakaze bathole izimpahla zabo noma amaloli. Ngezansi sizodingida ezinye zezizathu ezenza iningi labanikazi bezimoto, amatekisi nabanamaloli eNingizimu Afrika bangathengi umshwalense wemoto.

umthengisi womshwalense

umshwalense wemoto yakho

Esinye isizathu sokuthi udinga umshwalense wemoto yakho, ikakhulukazi uma usebhizinisini lezimpahla awazi ukhuthi kuzokwenzekani ngeloli lakho kusuka ephoyinti A kuye ku-B. Umshuwalense wezokuthutha uzokusiza uqiniseke ukuthi umbozwe umonakalo. Izinhlobo ezahlukene zomonakalo ezikhokhelwe umshwalense wezokuthutha zingabandakanya ukuqhuma, ukweba, umlilo. Ngiyaqiniseka ukuthi manje ungabona izinzuzo eziningi zokuba nemoto yakho evikelekile kunokushayela nemoto engavimbelwe. Manje njengoba wazi ukuthi ukuba nomshuwalense wemoto kuyasiza, into elandelayo okufanele uyenze ukuqalaza, bese ucela ama-Quotes ezinkampanini zomshuwalense ezahlukahlukene, ukuze ube nosizo ezikhathini ezinzima. Uma uthola i-quote, Kubaluleke kakhulu icabanga ngezidingo zakho, isilinganiso nokuthi yini ozozuza ngayo kumshuwalense

Umshuwalense wezimoto

Abantu abangenawo umshuwalense wezimoto bakholelwa ukuthi umshwalense uyabiza, futhi ukungawutholi usindisa imali eningi. Lo mbono oyiphutha ulethwa ukungabi nalwazi lokuthi umshwalense wemoto ubiza kuphela uma uwuthenga enkampanini engalungile

Ukuthola umshuwalense omuhle wemoto kuthatha isikhathi

 umshuwalense wetekisi
Iningi labanikazi bezimoto lidukisiwa yizinkampani eziningi zomshuwalense wezimoto ngenxa yokushoda kobungcweti nokuzama ukuqeda amakhasimende. Esimweni esijwayelekile ukuthola yomshuwalense kuthatha cishe usuku noma ezimbili uma nje unawo wonke amadokhumende wakho ngokulandelana.

Ulimi Oluyinkimbinkimbi

Iningi labantu likuthola kunzima ukuqonda amagama asetshenziswa izinkampani zomshuwalense, futhi lokhu kuholela ekutheni abantu abaningi bazibeke engcupheni yokushayela izimoto zabo, amatekisi noma amaloli ngaphandle komshwalense. Njengeklayenti udinga ukuthi ubuze umenzeli osiza wena ukuthola ukucaciseleka maqondana nemigomo yomshuwalense ongayiqondi, futhi iningi lama-ejenti likuchaza lokhu ngamagama ngaphandle kokuthi likuthukuthelele.

umshuwalense wetekisi ublulekile

Abanikazi bezimoto abaningi ababethembi abasebenzela imishwalense ngoba bakholelwa ukuthi abasebenzeli basemkhankasweni wokudukisa, hhayi ukuhlinzeka ngomshuwalense wemoto ongabizi. Isilinganiso somshuwalense wemoto Okusemqoka ukuthi udinga ngempela umshuwalense wemoto, wetekisi noma wezokuThutha. Umshwalense wemoto uyakusiza ngezikhathi zesidingo, isibonelo, uma uhileleka engozini inkampani yomshuwalense wemoto, wetekisi noma weloli izokusiza ukulungisa imoto yakho ngokushesha futhi kalula, kunokuyipaka, ukuvala noma kube kubi kakhulu ukuhamba uzoboleka imali yokulungisa imoto yakho. Imshuwalense ikusiza ukuthi ushintshe imoto yakho esimweni lapho imoto yakho ibiduniwe noma yebiwa. Izinkampani zemishwalense yezimoto, zamatekisi noma zamaloli nazo ziyasiza ngokulungisa uma imoto yakho ilinyazwe yisichotho noma umlilo. Cabanga ushayela emgwaqeni omkhulu nezingane, abagibeli noma izimpahla kanti imoto yakho ima nje, uzokwenzenjani? kahle, ngomshwalense wemoto uyakwazi ukuthola usizo lomgwaqo. Esinye isizathu sokuthi udinga umshuwalense ukuthi ezinye izinkampani zikunikeza imali emuva ukuze ushayele kahle, cabanga nje ukuthi ukhokhelwe ukushayela imoto yakho kahle.

Leave a Reply